Umqeqeshi weBanyana Banyana uDesiree Ellis uthi bazifakele ingcindezi ngokuhluleka ukunqoba umdlalo womlenze wokuqala wokuhlungela ama-Olympics bebambana neDR Congo. 

Lomqeqeshi ubalise ngenqwaba yamathuba agejwe abadlali eStade des Matyrs, umdlalo wagcina uphele ngo 1-1. 

IBanyana ibilandela ngemuva kuyiwa ekhefini, kwasiza uThembi Kgatlana esiwombeni sesibili. 

U-Ellis uthi uchazekile ngabadlali akabanikeze ithuba, ikakhulukazi izitobha ebeziqala ngqa ukuyibamba emuva. 

“Silitholile igoli lasekuhambeni kodwa bekudingeka sivalele amanye amagoli. Sithole amathuba okuqeda lomdlalo kodwa sahluleka. Sekufanele siqinise kakhulu emdlalweni womlenze wesibili. 

Sijime kanye kuphela, ngiyaziqhenya ngabadlali nangendlela abazinikele ngayo. Besidlalisa izitobha ezintsha, abadlali abancane ngokweminyaka. 

Kufanele sisebenze uma sesidlala ekhaya. Sizobuyela emuva siyophumula. Kunabadlali abazokwazi ukufika emlenzeni wesibili,” kusho u-Ellis ecashunwa abezindaba. 

U-Ellis uthi bebenolwazi lokuthi iDRC izodlala ngamandla. 

“Besilindele ukuthi basebenzise amandla nejubane. Sihlele ukuvala amathuba okugoba amabhola, nokuwina ibhola emoyeni. Besingamaka kangcono emuva kodwa sibuyile ngegoli lokulinganisa,” kuchaza lomqeqeshi. 

Umdlalo womlenze wesibili uzobanjelwa e-Orlando Stadium ngoMsombuluko. Iqembu elizonqoba lizodlulela emzuliswaneni wesithathu wokuhlungela ama-Olympics.