Kubikwa ukuthi ukubuyela kukaKhuliso ‘Sailor’ Mudau ekuziqeqesheni neqembu akusho ukuthi useyilungisile inkinga yakhe neqembu, kunalokho kuthiwa uhlonipha iseluleko asithole kuHugo Broos.

UMudau ngesonto eledlule ujabulise abalandeli abaningi beSundowns ebuyela ekuziqeqesheni neqembu, okunikeze abaningi ithemba lokuthi iyaxazululeka inkinga abhekene nayo.

Ngokombiko weSoccerBeat, empeleni zisaqhubeka izingxoxo phakathi kukaMudau nabaphathi beSundowns ngesimo senkontileka yakhe njengoba inqaba ukumvumela ukuthi ajoyine elinye iqembu. Ihabule ukuthi uMudau, nabanye abadlali, sebezwakalise ukunganami ngendaba yokuthi bahola imali engaphansi kweyabadlali abaqhamuka emazweni angaphandle, ikakhulukazi abaseSouth America.

Owayengumgadli weMamelodi Sundowns, uManqoba Ngwenya, ekhuluma kwiSoccerBeat kuYouTube ukuqinisekisile ukuthi inkinga endala kuleli qembu ukuholelwa kwabadlali bangaphandle imali engaphezulu kwabadlali bakuleli. UNgwenya uthe kuzofanele silungiswe ngokushesha isimo sikaMudau kwiSundowns ngoba ungomunye wabadlali abaphambili eqenjini futhi kwindawo adlala kuyo ubalwa phambili e-Africa.

Njengamanje kulindeleke ukuthi iSundowns iphothule izingxoxo ngenkontileka entsha efunwa wuMudau. Uma singalungiseki isimo senkontileka lo mdlali kulindeleke ukuthi alinde kuze kuphele inkontileka yakhe bese ehamba mahhala.

Ukubuyela kwakhe kwitraining kubeka ngokusobala ukuthi uMudau ucabanga ngekusasa lakhe kwiBafana Bafana njengoba izodlala kwi-Africa Cup of Nations futhi kulindeleke ukuthi izibekisele indawo nakwi-2026 FIFA World Cup.

Ngaphandle kukaMudau, kuvela ukuthi uThapelo Maseko naye usefake isicelo sokukhululwa njengendlela yokugqugquzela iqembu ukuthi limdayise. UMaseko usephumele obala ngokungasithandi isimo abhekene naso kwiMamelodi Sundowns.