Umqeqeshi weRichards Bay FC uPitso Dladla uthi angeke aziphathise ngekhanda elokhu ecabanga ngomphumela womdlalo we-University Pretoria ezobe idlala nayo ngeSonto.

UDladla uthi ingqondo yakhe izobe igxile kwiTS Sporting abazodlala nayo ngeSonto eKabokweni Stadium ngehora lesithathu ntambama.

IRich Boys iqhwakele kwiGladAfrica Championship, ilandelwe I-University of Pretoria. Womabili lamaqembu ayalingana ngamaphuzu angu-50, bahlukaniswe amagoli kuphela.

AmaTuks azovakashela iCape Town Spurs e-Athlone Stadium ngesikhathi esifanayo.

UDladla uthi bazonaka izindaba zabo, bakhohlwe imiphumela yakweminye imidlalo.

“Sinake umdlalo wethu. Sizobhekana nalokhu esingakwazi ukukulawula, esingeke sikulawule, sizokuyeka. Sibheke umdlalo wangeSonto. Uma unyaka imidlalo eseceleni, ugcina usukhohlwa ngomdlalo obhekene nawo. Sizoqinisa emdlalweni wethu.

Yonke imidlalo yethu siyenzela abantu baseRichards Bay. Iqembu lidlalela abantu baseBay, sifuna baziqhenye ngeqembu labo uma selidlala kwiDSTV Premiership,” kubeka uDladla ekhuluma nabezindaba.

UDladla uthe ulindele umdlalo onzima kwiTS Sporting elwela ukuvika izembe kwiGladAfrica Championship. ISporting sihleli ngesinqe esisodwa kunombolo 15 kodwa sinethuba lokuvika izembe uma sinqoba yomibili imidlalo esele.

“Umdlalo uzoba nzima kakhulu ngoba balwela ukuvika izembe nefomu yabo isibuyile. Kuzowina iqembu elizimisele. Ukuhlala esicongweni akusho ukuthi ungcono kuneqembu elisezansi, usuke unenhlanhla yokuvunywa imiphumela maphakathi nesizini. Wonke amaqembu anabadlali abahle,” kusho lomqeqeshi.

Fixtures

Sunday: (all times 3pm): Black Leopards v Venda Football Academy, Thohoyandou Stadium;

JDR Stars v Pretoria Callies, Soshanguve Giant Stadium;

Hungry Lions v Cape Town All Stars, Sivos Training Centre Stadium

TS Sporting v Richards Bay, Kabokweni Stadium;

Cape Town Spurs v University of Pretoria, Athlone Stadium;

Jomo Cosmos v Platinum City Rovers, Tsakane Stadium;

Free State Stars v Polokwane City, Goble Park;

Tshakhuma v Uthongathi, Peter Mokaba Stadium.