Yize ifomu yeqembu ingacacile kahle emidlalweni emihlanu eyedlule, umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane usanethemba lokungena kwiCAF Champions League ngesizini ka-2022/23.

Ukunqoba kwiMamelodi Sundowns esingompetha beDSTV Premiership kungabuyisa ithemba kwiChiefs ehleli endaweni yesine ngemuva kweCape Town City neRoyal AM abangaphezulu. IChiefs inamaphuzu angu-42 kwiligi, isele ngamathathu kwiRoyal neCity.

Amakhosi abuyise izinduku eshaya IMarumo Gallants ngo 1-0 ngoLwesine, aqeda ngerekhodi lokuhlulwa emidlalweni emine ilandelana selokhu izintambo zabanjwa uZwane benoDillon Sheppard.

“Siyiqembu elikhulu njengeChiefs, sizama ngokusemandleni ukuthi sinqobe, sizinikele ngokwanele kodwa akwenelanga kulesizini.

Nginethemba lokuthi sizokwenza kangcono ngoba sisalelwe imidlalo emithathu kwiligi. Sizothatha umdlalo ngamunye. Sithemba nokuthi imiphumela izovuma. Sisahlalele ethembeni manje,” kubeka uZwane ecashunwa iGibela Sport.

IRoyal AM neCityzens balahle amaphuzu abalulekile ngoLwesithathu. ICity ibanjwe iChippa United ngo 0-0, IRoyal AM yahlulwa iMaritzburg United ngo 1-0 kowomkhaya.

“Amanye amaqembu adlalela ezandleni zethu ngokulahla amaphuzu. IRoyal AM ishayiwe, iCity yadlala ngokulingana. Konke sekuqondene nathi. Kuyaphoqa ukuthi sibuye nemiphumela egculisayo, nemiqondo yethu ingaphazamiseki.

Kuyathembisa manje, sinethemba lokunqoba. Kungenzeka noma yini, sifuna ukubuya namaphuzu amathathu kwiSundowns ngoba sizosizakala emidlalweni emibili yokugcina,” kusho uZwane.

Umdlalo uzobanjelwa eFNB Stadium ngehora lesihlanu ntambama, Akucaci kahle ngendaba yokushayela iSundowns ihlombe ngaphambi komdlalo.