Umqeqeshi weManchester City uPep Guardiola uthi iqembu lakhe seliziyinkunzi eNgilandi ngoba lidlalela ukunqoba yonke imiqhudelwano ekhona.
UGuardiola uthi akazange anikezwe umbandela wokunqoba I-UEFA Champions League.
Lisaqhubeka ishobolo leMan City kwiChampions League ngemuva kokukhishwa iReal Madrid ngo 6-5 uma sekuhlanganiswe imiphumela yemilenze emibili.
Ebuzwa abezindaba ngamathuba eqembu okunqoba iChampions League, lomqeqeshi uthe izikhulu zeqembu azilibuki ibhola ngokufanayo nabalandeli.
“Angazi ukuthi sizoyiwina nini iChampions League. Angeke ngikunike impendulo. Ngaphambi komdlalo weMadrid, bengingazi ukuthi sizoyiwina nini iChampions League. Anginayo izimpendulo zombuzo wakho. Ibhola aliqondakali, uzibonele nawe.
Mhlampe imina ongaboni kahle. Abaphathi base-Abu Dhabi babengazi ukuthi bazothenga leliqembu, batshale izimali eziningi zokwakha, nokuthenga abadlali njengoba namanye amaqembu enza, ukuze iqembu lizofika kulelizinga.
Akuphoqi ukuthi siwine iChampions League. Babefuna sidlale kuyona yonke imiqhudelwano. Siyafuna ukunqoba iChampions League, mhlampe angisiyena umqeqeshi of anele. Mhlampe omunye umqeqeshi engayinqoba lendebe. Sifuna ukudlala kuyoyonke imiqhudelwano,” kusho uGuardiola.
UGuardiola uthi kukhona omonase abangajabuli uma leliqembu liphumelela.
“Kunabantu abangafuni ukubona iqembu liphumelela. Mina ngibona sisezingeni eliphezulu. Sifike kuma-semifinals eChampions League futhi, sidlale kahle sibhekene neqembu elisezingeni eliphezulu. Bekumele kancane.
Kuhlale kukhulunywa ngokunqoba iChampions League nePremier League. Akekho okhuluma ngomsebenzi omuhle esiwenze eminyakeni elishumi eyedlule.
Sizozama ngesizini ezayo, kuzoba nzima ngoba namanye amaqembu aqinile. Ngifuna ukuqeqesha IMan City. Angikaze ngibekelwe umbandela wokunqoba indebe. Bangitshela ukuthi kufanele sinyuse izinga, sidlalele ukunqoba njalo. Abantu bazicabangela okwabo,” kuchaza lomqeqeshi.
Lomqeqeshi uthe angeke aphilele iChampions League ngoba bengaqhubeka nokugxekwa ngisho sebeyinqobile.
“Ngiyilambele iChampions League. Abantu bafuna iChampions League, siyakwazi lokho kodwa angeke siziphoqe. Uma siwina iChampions, bazokhomba imali esiyisebenzisile. Uma sihluleka, bazothi siyabhacaza yize sinemali. Shuthi iCity kuphela esebenzisa imali emhlabeni,” kusho uPep.