Umqeqeshi wePolokwane City uPhuti Mohafe uzwakalise ukungenami ngesinqumo sokunikezwa komdlali weKaizer Chiefs ‘obengabonwa enkundleni’, uLebohang Maboe, indondo yeman of the match ngemuva komdlalo wayizolo.

UMohafe ukhalaze ngalesi sinqumo ngemuva komdlalo wabo naMakhosi ophele zibambene ngo 0-0 izolo ntambama.

“Phakathi nendawo besibavalile, besimvalile uMabo noCele,” kusho uMohafe.

“Ngisala ngixakekile ke ukuthi uMaboe uqokwe kanjani njenge-man of the match? Angazi uqokwe kanjani, ngoba ubengabonwa enkundleni.

“Njalo uma ethola ibhola besimhlezi eduzane. Siwine amabhola amaningi kuyena. Ngakho uwumdlali ovelele kanjani elahla amabhola?”

“Asibuyeleni emuva sibuke ubani obemake uMaboe. Besiphethe uTlou Nkwe kwesokunxele, kumfanele ukuba yiman of the mathc. Kukhona uMokibelo Ramabu kwesokudla naye ubebanikeza izinkinga. Naye kumfanele ukuthola indondo. Abanikezwanga ngani?