Umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou ujabule ngamaphuzu amathathu abawathathe kuMaZulu FC nangendlela abadlale ngayo, kodwa uthi baziyekele ukuvalela amanye amagoli eSigodini izolo ntambama.

IBucs ikhuphukele kunombolo 1 kwilog yeBetway Premiership ngemuva kokushaya Usuthu ngo 3-0.

Igoli lokuqala livalelwe wuYanela Mbuthuma, elesibili lashaywa wu-Oswin Appolis (omabili angene esiwombeni sokuqala. URelebohile Mofokeng uvalele elesithathu esiwombeni sesibiili, futhi ubengalithola elinye kodwa ushaye ipali enikezwe ipenalty.

“Sidlale ngendlela ebesihlele ngayo, siqala ngomfutho ophezulu sibacindeza ngoba siyazi sibhekene neqembu elihle,” kusho u-Ouaddou ekhuluma nabeSuperSport TV ngemuva komdlalo.

“Ngemuva kwamagoli esiwakore esiwombeni sokuqala ngicele abadlali ukuthi baqhubeke ngegiya abakulo esiwombeni sesibili.

“Senze izinguquko ezincane ukuze sizame ukuthola amanye amagoli, uma ngikhuluma iqiniso nje lo mdlalo ubungaphela ngo 7-0.

“Asibajabulele abafana kodwa. Badlale umdlalo omuhle, ibhola elimnandi phambi kwabalandeli bethu.”

U-Ouaddou uphinde wathi bazoqhubeka balwe kuze kube sekugcineni embangweni wesicoco seligi.