Umqeqeshi weNapoli uLuciano Spalleti uzwakalise ukungenami ngezinqumo zikanompempe obephethe umdlalo wezakhe ne-AC Milan kwiChampions League izolo.

INapoli idliwe ngo 1-0 kulo mdlalo ngegoli elivalelwe wu-Ismael Bennacer eSan Siro. Bekungokwesibili ibhaxabulwa yiMilan esikhathini esingaphansi kwamasonto amabili.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uSpalleti, ovule ngokuthi kufana nokuthela amanzi emhlane wedada ukukhuluma umdlalo usuphelile ngoba akukho okusazoshintsha umphumela, ukhale ngokukhishwa kukaFrank Anguissa ngekhandi elibomvu nangezinye izinqumo zikanompempe.

“Ngikuthandile engikubone kubadlali bami. Bazamile ukubuya emdlalweni ngisho sesishoda ngomdlali. Ngibongele noMaignan (unozinti weMilan) ngokusigeza. IMilan iyiqembu eliqinile kodwa abadlali bami badlale ngendlela ebengilindele ukuthi badlale ngayo,” usho kanje.

Ebuzwa ngokuthi u-Anguissa yena ubenza eze ethola ikhadi elibomvu ngoba ubesezokhishwa vele uSpalleti uvele wabhodla wathi umdlali wakhe ushaye ibhola. Uqhube wenza isibonelo ngokunikezwa kukaZielinski ikhadi, kodwa wanganikezwa uKrunic enza okufanayo. Uqhube wabuza ukuthi kungani uRafael Leao engalitholanga ikhadi eliphuzi ekhahlela icorner flag.

“Nizibonele nani, konke kucacile. Angidingi ukuphawula ngezinqumo zikanompempe, ngikhuluma ngezinto enizibonile nani.”

INapoli iye kulo mdlalo ngaphandle kukaVictor Osimhen. Kulindeleke ukuthi abe khona emlenzeni wesibili.