IReal Madrid sekusele kancane izibekisele indawo kuma-semifinal e-UEFA Champions League kulandela ukugxoba iChelsea ngo 2-0 emlenzeni wokuqala we-quarterfinal eSantiago Bernabeu izolo ebusuku.
ILos Blancos inqobe ngamagoli avalelwe wuKarim Benzema (21′) noMarco Asensio (74′). Ekhuluma ngemuva komdlalo u-Ancelotti uzwakalise ukugculiseka ngendlela abadlale ngayo kodwa waveza nokuthi uyazi iChelsea izolwa emlenzeni wesibili.
“IChelsea iyiqembu eliqinile, inabadlali abasezingeni eliphezulu. Sinqobe ngo 2-0 ngoba sikwazile ukuvalela amathuba esiwakhile. Umdlalo awukapheli, kusamele siyolwa eStamford Bridge.
“Abadlali bami bayazi ukuthi kusanomunye umdlalo osimele. Kuzoba nzima.”
U-Ancelotti uqhube wafisela umqeqeshi obambile kwiChelsea, uFrank Lampard okuhle kodwa kwimdlalo esele kwiPremier League kule sizini kodwa wathi akamfiseli okuhle uma sebebhekene okwesibili ngesonto elizayo.
IMadrid njengamanje kuyayibhedela kwiLaLiga lapho sekuqala ukucaca khona ukuthi iBarcelona izosithatha isicoco njengoba ihamba phambili ngamaphuzu awu-13. Lokhu kungase kufakele iMadrid ugqozi lokuzama ukuvikela isicoco seChampions League kule sizini.