Umqeqeshi weTS Galaxy uSead Ramovic uncome ukuzikhandla kwabadlali bakhe beshaya i-Orlando Pirates eMbombela Stadium namuhla.
Igoli likaLefa Hlongwane esiwombeni sokuqala libuyise ithemba kwiGalaxy ebalake empini yezembe ngokuwola lamaphuzu amathathu.
URamovic uncome abadlali ngokuhlala kwicebo akabanikeze lona ngalomdlalo.
“Ngifisela wonke amaSulumane aseNingizimu Afrika usuku oluhle kwe-Eid Mubarak. Usuku oluhle impela. Okwesibili, ngibongela abalandeli kanye nePirates ngokusinikeza umdlalo oqinile. Besinohlelo lokudlala, salandela lona.
Mina ngineziqu zokuqeqesha, ngidlale nabadlali abaseqophelweni eliphezulu futhi bengiqeqeshwa umqeqeshi osezingeni eliphezulu.
Kodwa ngizoncoma bonke abadlali. Basebenzile impela. Balandeli uhlelo lokudlala, nomdlalo besiwuphethe uma sidlala ngobumbano. Khona besihluleka ukuphatha umdlalo isikhathi eside. Siphoqe iPirates ukuthi idlale ezikhaleni ezincane, ngijabule kakhulu. Siwuqale kahle umdlalo, nasemuva besivalile, abadlali basebenzile kakhulu,” kubeka lomqeqeshi ekhuluma nabeSupersport TV.
Lomqeqeshi uveze ukuthi bekuyimpoqo ukuwina njengoba besempini yezembe.
“Singaphansi kwengcindezi, bekufanele siwine sithole amaphuzu. Sisahleli endaweni ebucai kwiligi, akulula ukudlala ungaphansi kwengcindezi, kumele ngibancome abadlali. Bekufanele bawine.
Besinohlelo lokudlala. Besifundile ukuthi iPirates izodlala kanjani. Abadlali bami bazimiselile. Siyakwazi okufanele sikwenze emdlalweni olandelayo ngoba sihleli kabi kwiligi. Kodwa a sijabule namuhla. Kusasa sizohlelela umdlalo omusha,” kubeka lomqeqeshi.