Umqeqeshi we-Orlando Pirates uFadlu Davids uthi angeke abagxeke abadlali bezakhe yize beshaywe iTS Galaxy ngo 1-0 namuhla eMbombela Stadium.

Igoli likaLefa Hlongwane esiwombeni sokuqala liwelise iGalaxy, yaphunyuka okwesikhashana ezembeni. Lomphumela umoshe izinhlelo zePirares esanethemba lokubuyela emqhudelwaneni weCAF ngesizini ezayo.

IPirates isiqede imidlalo emithathu yeligi ingalishayi igoli. Yahluleka ibhekene neBaroka, iChippa United neGalaxy. Isisele ngamaphuzu amane kwiRoyal AM eyibambe endaweni yesibili kwiligi.

Leligebe lingavuleka kakhulu uma IRoyal AM ishaya iMaritzburg United ngoLwesibili.

“Ngiyayibongela iTS Galaxy. Bebehlele ukulindela ukuthola amathuba amabili okushaya amagoli. Lokho kusebenzile ngoba bashaye igoli esiwombeni sokuqala. Bathole ithuba elilodwa kuphela balisebenzisa. Thina sihlulwa ukusebenzisa amathuba.

Siyahluleka ukushaya amagoli, kufanele ukhululeke ebhokisini, uthathe izinqumo ezikhaliphile ukuze uzoshaya amagoli. Siyahluleka impela,” kubeka uDavids.

UDavids uthi kuyinkinga enkulu ukuboza kwabo kwiDSTV Premiership kodwa kwiCAF Confed Cup bawashaya kalula amagoli.

“Ifomu yokushaya amagoli kwiCAF ihlukile, kodwa angeke ngigxeke abadlali ngoba bayazimisela. Bayazikhandla, inkinga banebhadi lokuqedela amathuba.

Kufanele sifunde ukulinda, sishintshe indlela yokucabanga ngoba sesiyodlala kuma-semifinals. Sibheke eLibya, kuyaphoqa ukuthi siqinise kakhulu ukuze sizowina lomqhudelwano.

Angicabangi ukuthi lento iqondene nemiqondo yabadlali. Siyazi ukuthi bekufanele sinqobe imidlalo emine ukuze sizongena kwiChampions League. Amanye amaqembu ayahluleka ukuqoqa amaphuzu abalulekile kodwa kufanele sinqobe nathi. Angeke ulindele amanye amaqembu ukuthi akwenzele umsebenzi uma uhluleka ukuwina,” kubeka uDavids.

IBucs izohambela eLibya kulelisonto, iyobhekana ne-Al Ittihad ehleli esicongweni seLibyan League A. Umdlalo uzobanjelwa eMartyrs of February Stadium ngomhlaka 08 kuMeyi ngehora lesithupha ntambama.