Owezokuxhumana kwiKaizer Chiefs uVina Maphosa ucashe ngesithupha ebuzwa ngemibiko yokuthi ingase inqanyulwe inkontileka kaGaston Sirino eqenjini ngenxa yezinsolo zokuthi ubuye aqambe amanga ngokulimala.

Ngokombiko weFAR Post neSoccer Laduma kuleli sonto kuvela ukuthi uSirino ubaphathisa ngekhanda abaphathi beChiefs njengoba esolwa ngokuhubhuza aluhlaza cwe uma ethi ulimele. Kwesinye isikhathi ubuye athi ulimele kodwa uma sekucelwa abhekwe odokotela anqabe.

Ngaphezu kwalokho lo mdlali othengwe kwiMamelodi Sundowns ukuze asize Amakhosi ashoda ngabadlali abanesipiliyoni, kuthiwa ubuye angayilaleli imiyalelo yomqeqeshi enkundleni, azenzele okwakhe.

Lokhu kuthiwa sekubeke iChiefs endaweni enzima njengoba sekufanele ithathe isinqumo ngayo. Kuzokhumbuleka ukuthi enye yezinto iChiefs ezama ukuzilungisa eqenjini ubuhlongandlebe kubadlali.

Ebuzwa ngalezi zindabad uMaphosa uphendule kanje: “Ngiphendula izindaba ezishicilelwe kwezokuxhumana zeChiefs kuphela.”

Impendulo kaMaphosa ibeka ngokusobala ukuthi ayinuki ingosiwe kulolu daba njengoba nakwiDowns yake yavela imibiko yokungayilandeli imiyalelo yeqembu noma yomqeqeshi.