URoger De Sa, owayengumqeqeshi we-Orlando Pirates ngonyaka ka-2013 ihlula i-Al Ahly kweyamaqoqo, uxwayisa ezikaMagebhula ngobishi ezizongena kulo uma zijaha ukuhlasela ompetha beCAF Champions League zibekwa.
Lamaqembu azotholana phezulu emdlalweni wamagqubu ozobanjelwa e-Orlando Stadium, ngoMgqibelo.
Womabili lamaqembu abambene esicongweni ngamaphuzu amathathu ngemuva komdlalo owodwa kuGroup C.
UDe Sa uthi izosala izikhotha amanxeba iBucs uma izojaha ukuhlasela i-Al Ahly kusaqala umdlalo.
“Ukubhekana ne-Al Ahly kunzima kakhulu ngoba iyiqembu elikhulu e-Afrika. Irekhodi labo leChampions League liyancomeka. IPirates kufanele ingajahi ukucindezela i-Ahly ngoba ingagcina isihlulwa,” kusho uDe Sa ekhuluma nabeSowetan.
UDe Sa wayiphoxa esibayeni sayo i-Ahly eyiguqisa ngo 3-0 emdlalweni wamaqoqo wokuqala. Umdlalo wesibili waphela zibambene ngo 0-0 eSigodini.
I-Al Ahly iyona eyahlela kwavela elomhlathi inqoba ngo 4-1 yma sekuhlanganiswe imiphumela yemilenze emibili kowamanqamu weChampions League ngo-2013.
UDe Sa uthi luselude ukhalo kulomqhudelwano, okuyisizathu esingayiphoqi iBucs ukuthi ibuye namaphuzu agcwele.
“Lomdlalo awubalulekile kakhulu. Ngiyakhumbula ngiyiguqisa ngo 3-0 i-Al Ahly esibayeni sayo kodwa yasibamba ngoswazi kowamanqamu. Lomdlalo awubalulekile neze,” kuchaza uDe Sa.
UDe Sa uthi nokuqeda endaweni yesibili kuGroup C kuzoba yimpumelelo kwiPirates.
“Kufanele bazifundise eyokuthi kuzohamba amaqembu amabili, adlulele kweyomkhumulajezi. Angiboni kuzobakhalisa nokuqeda ngemuva kwe-Al Ahly eqoqweni labo,” kusho uDe Sa.