Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi, uthi usekuqaphile ukuthi amaqembu amaningi agijima kwiDStv Premiership abapakela ibhasi kule sizini. UMngqithi uveze lochu kulandela ukunqoba kweDowns ngo 1-0 usuyophela umdlalo neChippa United ngoLwesithathu ebusuku. Kulo mdlaĊo iChilli Boys ilipake waze wacishe waphela umdlalo ibhasi, kwabheda ekugcineni.
“Yinto esihlale siyilindele ukuthi sizophatha u-80% webhola kwimidlalo namaqembu ahlala emuva, yinto ebiyenzeka nakuma sizini edlule. Kwesinye isikhathi ngisho amaqembu amakhulu asebenzisa lawa maqhinga, sihlezi silungiselela abadlali ukuthi bakwazi ukubhekana nawo. Icebo lethu ukushaya igoli zisasuka, okuyinto eyenzeka sibhekene neChiefs, ukuze bengezukuhlala emuva umdlalo wonke,” kusho uMngqithi.
Lo mqeqeshi uthi uma iqembu lihluleka ukuthola imbhobo yokuvalela igoli kubukeka sengathi liyahluleka kodwa lisuke liwakha amathuba.
“Siyazi sisazobhekana nalento isizini yonke, siyoze siqale ukubona umehluko mhlawumbe kuma quarterfinals eChampions League. Kodwa sekuyinto esiyilindele,”