USihlalo weCape Town City uJohn Comitis unengwa iCAF ayisola ngokubeka imithetho ebhedayo eqondene neziqu zokuqeqesha kanye neyemigomo yezempilo kwiChampions League.

ICity izodlala kwiChampions League okokuqala ngqa emlandweni weqembu.

Kuphazame izinhlelo zeqembu sekuvela ukuthi umqeqeshi u-Eric Tinkler angeke ahambe neqembu emidlalweni ngoba akanazo iziqu zokuqeqesha ezifunwa yiCAF.

UTinkler ucije ngeziqu ze-UEFA A Licence kepha iCAF ibeke umgomo wokuthi abaqeqeshi bacije ngeCAF Pro License noma iCAF A License.

ICity izobhekana ne-AS Otoho yaseCongo Brazaville emdlalweni womzuliswano wokuqala ozobanjelwa e-Athlone Stadium ngoMgqibelo.

UComitis uthi imithetho yeziqu iyamdida.

“Siyasilandela isimo sika-Eric. Kuyangidida kakhulu ukubekwa kwalomthetho othi I-UEFA A ayinamsebenzi. Imithetho yeCAF iyangixaka kakhulu.

Abafuni umqeqeshi acije nge-UEFA A, kuthiwa kudingeka iCAF A. Angiwazi uhlaba abaphila kuwo kodwa bakhuluma kanjalo. Kufanele sivume.

Umqeqeshi uvumelekile ukuba yingxenye yeqembu ejimini kodwa akafuneki ebhentshini. Siyamethemba umqeqeshi oyiphini, bazokwazi ukuqhubeka nomdlalo,” kubeka uComitis ekhuluma nabeSowetan.

UComitis uphinde wakhalaza ngezindleko zezempilo eziqondene nemidlalo yeCAF njengoba bephoqiwe ukuthi bakhokhele ukuholelwa iCovid-19 ne-electrocardiogram.

“Ziningi izingqinamba kwiChampions League. Izindleko zezempilo ziyabheda kakhulu.

Umdlali ngamunye kufanele enze i-ECG. Imba eqolo lemali. Kuyaphoqa ukuhlolela iCovid-19 kodwa ngizitshela ukuthi isiphelile. Kuhlolwa wonke umuntu, umthwebuli, abafana abagada amabhola. Kuphoqa ukuthi bagome.

Angazi noma sidlala ibhola noma siyohlola. Kuyabheda.

Kuyinto enkulu ukudlala kwiChampions League, kunzima kakhulu. Siyaziqhenya ngokuba yingxenye yomqhudelwano,” kubeka uComitis.