Unozinti weKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune, ulindele ukuthi Amakhosi aqoqe kwasani eyindebe ngesizini ka-2023/2024 ngoba asephethe isikwati esizokwazi ukuqhudelana namanye amaqembu amakhulu.

IChiefs akuyihambeli kahle kule sizini noma isanethuba lokunqoba iNedbank nokuqeda endaweni yesibili okuzoyifaka kwiCAF Champions League ngesizini ezayo. Njengamanje isele ngamaphuzu amahlanu kwiSuperSport United ekunombolo 2. Ngempelasonto izobhekana ne-Orlando Pirates esefomini kulezi nsuku futhi esinqobe iMTN8 kule sizini.

Ekhuluma ngaphambi kweSoweto Derby uKhune ucele abalandeli beChiefs ukuthi baqhubeke nokubekezela.

“Ngiyazi sekukaningi sicela ukuthi babekezele kodwa sekube nenqwaba yabaqeqeshi, abanye babo baqashwe kulandela izikhalo zabalandeli. Iqembu libaqashile abaqeqeshi, lathenga nabadlali abasha. Sidinga ukubekezela ngoba basadinga ukujwayela ukudlalela iChiefs.

“Siyazi iChiefs akulona iqembu okumele abantu baqale bajwayele ukudlala kulo, kumele bafike basinqobele imidlalo nezindebe, kodwa uma kufika abadlali abasha nabaqeqeshi abasha kuwumsebenzi wethu njengabadlali abadala ukubahola.

“Akukho lula, futhi ngeke kuthathe umdlalo owodwa ukujika izinto. Kuthatha isikhathi. Uma ubuka amaqembu ase-Europe uyabona ukuthi abaqeqeshi nabadlali bayabekezelelwa ngoba bayazi kwakhiwa iqembu.

“Uma singanikezwa isikhathi ngesizini ezayo singakwazi ukunqoba zonke izindebe.

“Ngesizini ka-2012-2013 sanqoba yonke into ngoba sasiphethe umqeqeshi omusha, nabadlali beBafana Bafana oTsepo Masilela, Bernard Parker, Siboniso Gaxa, Siphiwe Tshabalala, Reneilwe Letsolonyane kanye nami.

“Manje siqukethe iqembu eliqinile elinabadlali abasakhulu abafuna ukunqoba izindebe. Siyabathembisa abalandeli bethu ukuthi zisazojika izinto,