Kulindeleke ukuthi ziqhubeke izinguquko ebuholini beMK Party njengoba sekuvele izinsolo zokuthi angase agudluzwe kwesokuba wuNobhala jikelele uFloyd Shivambu.
Umholo weMKP, uMnuz Jacob Zuma, kulindeleke ukuthi akhulume nabezindaba namhlanje ntambama nokuyilapho azomemezela khona ezinye izinguquko ebuholini beqembu.
Ngokombiko we-IOL, kuvela ukuthi uShivambu uzokhonjwa ePhalamende.
Umbiko uveza ukuthi akaxoshiwe kwiMK uShivambu kodwa uzonikezwa isikhundla ePhalamende ngoba uthathwe njengelungu elibalulekile eqenjini. Ukuyiswa kwakhe ePhalamende kungasho ukuthi ubuholi beMK buzama ukubhula izimpi njengoba kulo nyaka ehlaselwe wuDuduzile Sambudla-Zuma okwadingeka ukuthi ashicilele incwadi exolisa ngokumthuka ezinkundleni zokuxhumana.
NgoMashi nonyaka ekhuluma nabezindaba uShivambu wazwakalisa okomuntu ongakugqiziqakala ukuthi kunabantu ‘abangamfuni’ kwiMKP, wababiza ngamagwala.
“Akekho umuntu oke wafika emhlanganweni weMK wafika wazwakalisa ukungenami ngobuholi beMK. Akekho umuntu oke wafika kulo mhlangano, noma kumuphi omunye umhlangano weMK, wafike wathi angijabule ngosihlalo, iphini likanobhala noma unobhala jikelele. La bantu abasho lento amavaka nje acashile, angakaze asho lutho emihlanganweni yeMK.”