PHUMELELE NXUMALO
USEPHINDE wenza adume ngazo futhi umculi nomethuli wezinhlelo uMolemo ‘Jub Jub’ Maarohanye ngohlelo lwakhe olusha i’You Promised to Marry Me’.
Kulolu hlelo oluzosakazwa esiteshini iMoja Love, uJub Jub uzobe esiza ababethenjiswe umshado ngabathandana nabo kodwa bagcina bengabashadanga.
Lolu hlelo ludalulwe esiteshini iMoja Love ngesiqeshana sevideo ekhombisa uthuthuva oluzobe luqukethwe kulona ekhonjiswe ngesikhathi kudlala isiqephu sakamuva sohlelo i-Uyajola 9/9 nalo olwethula nguJub Jub.
Ukudalulwa kwalolu hlelo kushiye izibukeli zehlukene phakathi ngemibono enkundleni yokuxhumana uTwitter njengoba zombili lezinhlelo ezethulwa nguJub Jub zinokudalula izimfihlo phakathi. Iningi kwabebebeka imibono belikhala ngokuthi uJub Jub ulwa nabantu besilisa kanti uzogcina ethola ukulimala ngalezihlelo zakhe azethulayo.
Nansi eminye yemibono ebhalwe kuTwitter:
u-@Candy_Girl uthe: “Baveze wena Jub Jub sikhathele ukuthenjiswa into engekho”
u-@Sphakamile uthe: “Wena Jub Jub ngelinye ilanga uyohlangana nabantu abawrong abazokulimaza ngalento oyenzayo”
u-@Marazo uthe: “Ulwa nathi straight phela manje wena. Kanti ngempela akwenzani amadoda aseMzansi?”