Umnyango wezokuThutha KwaZulu Natal usumemezele ukuvulwa kweRossburgh licence testing center. 

Okhulumela umnyango uMnuz Kwanele Ncalane uthe kuvulwe namhlanje kodwa kuvulelwe abazolanda amalayisensi abawavuselele. Uthe lesikhungo asikazolukhipha olunye usizo njengoba kusaqhutshekwa nokuthi sikhucululwe, emva kokukhahlanyezwa izikhukhula. awakatholakali njengoba kusaqhutshekwa nokuhlanza lesikhungo emva kokuba sithintekile ngenkathi kunezikhukhula ngenyanga edlule. 

“Okwamanje kukhishwa amalayisensi kulabo ababewavuselele phakathi kuka Okthoba noDisemba nyakenye. Ayesevele ediliviwe lamalayisensi ngenkathi kufika izikhukhula futhi awazange amosheke,” kuchaza uNcalane.

Uthe ukubhukhela ukobhalela iLearners, ukuhlolelwa ukushayela kusamisiwe okwamanje, kuyobuya uma sesikhucululiwe lesikhungo. 

UNgqongqoshe walo mnyango uNkk Peggy Nkonyeni uthe ukuvulwa kwesikhungo saseRossburgh kubalulekile kakhulu kubantu baseThekwini nasesifundazweni. 

“Lesikhungo singesesithathu kwezinkulu kuleli futhi sisiza abantu abawu 32 000 ngenyanga. Abashayeli kubalulekile ukuthi balande amalayisensi abo njengoba ukuwavuselela sekuvaliwe. Sizophinde futhi sixolise kubashayeli nomphakathi ngokuphazamiseka kokusebenza kwalendawo,” kusho uNkk Nkonyeni. 

Uthe abashayeli ababhalisela ukuvuselela izincwadi zabo zokushayela ngaphambi kukaDisemba nyakenye bangaya ukolanda amalayisensi abo. Eqhuba uthe ucela ukuthi abantu bababekezelele ngoba i-system ishaya ngolonwabu. 

“Namhlanje ekuseni abantu abawu50 bebenikezwa usizo. I-Road Traffic Management Cooperation (RTMC) ilethe ama-computer amasha yabe isifaka neNational Traffic Information System, emuva kokuba kwalahleka yonke imininingwane ngesikhathi sezikhukhula,” kulandila uNkk Nkonyeni.

Uthe kuzomenyezelwa uma zonke izinto sezibuyele esimweni.