Umqeqeshi weManchester City uPep Guardiola uthi kuzomele bakhuphule izinga uma sebebhekene neBayern emlenzeni wesibili we-quarterfinal yeChampions League.
ICity ivithize iBayern ngo 3-0 izolo emlenzeni wokuqala e-Etihad Stadium kodwa uPep uthi leli qembu lisangazibuyisa izinduku emlenzeni wesibili.
Ekhuluma ngemuva komdlalo uPep uveze ukuthi indlela obunzima ngayo lo mdlalo uzizwe ekhula ngeminyaka eyishumi ebhentshini.
“Bekungewona umdlalo olula. Ngivithizekile ngokomoya! Ngiziwe ngikhula ngeminyaka eyishumi namhlanje. Bekuwumdlalo onzima.
“Badlale kangcono kunathi emzuzwini ewu-60 emdlalweni.
“Ngesikhathi kuqala isiwombe sesibili bebesadlala kangcono kunathi. Besihluleka ukubalawula. Kukhona into esiyishintshile sadlala kangono. Sithole umphumela omuhle kakhulu, kodwa kusamele sikhuphule izinga eMunich ukuze singagqilazeku kakhulu. Sizokwenza lokho.
“Sengifike kulesi sigaba kaningi. Ngiyazi iqembu lami likhethekile kodwa ukuze ukhiphe amaqembu amakhulu udinga ukudlala ezingeni eliphezulu kwimidlalo emibili, hhayi kowodwa.”
ICity ngempelasonto izoqhubeka nombango wayo wesicoco sePremier League ne-Arsenal, izobhekana neLeicester City esanda kumemezela uDean Smith njengomqeqeshi omusha weqembu.