Imenenja kaTeboho Mokoena isiphumele obala yacacisa ngokubambezele izingxoxo phakathi kwalo mdlali neMamelodi Sundowns efuna ukwelula inkontileka yakhe njengoba efunwa phesheya.
Inkontileka kaMokoena (27) iyaphela ngoJune 2026, kanti ngeledlule iSundowns iveze ukuthi ayijahe ndawo ngalezi zingxoxo ngoba isanesikhathi.
Ngokombiko weSABC Sport, isitatimende seSundowns simphoxile uMokoena ofuna ixazululwe ngokusesha indaba yenkontileka yakhe.
Imenenja yakhe uGlyn Binkin ithi lolu daba bebengafisi lufike kwabezindaba kodwa ngoba iSundowns ikhuluma nezintatheli kuyabaphoqa ukuthi baphawule.
“Kusithusile futhi kwasiphoxa ukubona ukuthi kunemithombo esondelene neSundowns ekhuluma ngalolu daba kuthiwa sekusondele ekutheni kube nesivumelwano,” kusho uBinkin.
“Asikhulumi nabezindaba ngalolu daba ngoba sihlonipha iSundwons, kodwa kimele sikuqondise okubhaliwe ukuze abantu bengatholi into engeyiyo.
“Izingxoxo ziqale ngoNovemba nyakenye, ngeshwa asikasondeli kwisivumelwano ngenkontileka entsha, osekudale ukuphoxeka kumina nakumdlali. Nokho ke sinethemba lokuthi bazobuya nenkontileka engcono, siqede ngalolu daba ukuze umdlali ezobuyela ekushayeni engcwenga yento, anqobe nezindondo zomdlali ovelele emdlalweni eminyakeni ezayo kwiSundowns.”