Zimapeketwane izinto oKhozini kulandela ukumiswa kwabasebenzi abathathu beVuka Africa Breakfast Show okuthiwa bayaphenywa.
Kwabamisiwe kubalwa noSipho ‘Sgqemeza’ Mbatha nophrojusa ababili.
UKhozi aluvezanga ukuthi laba basakazi bazomiswa isikhathi esingakanani.
Umsakazi osele kulolu hlelo, uNonhlanhla ‘Mroza’ Buthelezi usezolubamba noSiya Mhlongo olandwe kwiMetro FM ukuthi azosiza kulolu hlelo olungena ngo-6 kuya ku-9 ekuseni phakathi nesonto.
AbakwaSABC bathe ngeke bakwazi ukuphawula ngokumiswa kwalaba basebenzi njengoba umthetho ungavumi ukuthi zinekelwe umphakathi izinto ezithinta umqashi nomsebenzi.
Ezinkundleni zokuxhumana abantu bebelokhe bebuze njalo ukuthi ukuphi uSgqemeza bengamuzwa emsakazweni.
Abanye badidwe wumbhalo wakhe ekhasini lakhe kuFacebook ethi: ‘kusile, asivuke siye emsebenzini,” baphawula bathi ubengekho nje emoyeni.