UMlingisi, umculi kanye no-projusa ohlonishwayo kuleli owazakhela udumo ngezikhathi zakudala, kwezikaqedisizungu, uThembi Mtshali-Jones, uzohlonishwa yiDurban University of Technology (DUT) ngeziqu zobudokotela.
IDUT ithe uMtshali-Jones uzohlonishwa nge-Honorary Doctor of Philosophy in Visual and Performing Arts.
Lesi sikhungo seminudo ephakeme siqalile kuthwesa izitshudeni iziqu ngohlelo lwe-internet. Bathe uMtshali-Jones uzohlonishwa ngezobudokotela ngoMeyi 16.
USolwazi uProfessor Runette Kruger ophethe i-Arts and Design uthe bajabule kakhulu ngokuthi kuzohlonishwa lel nkakha.
“Sijabule kakhulu futhi sizimisele ukusebenzisana noDokotela uMtshali-Jones ngoba nezitshudeni zethu zizo zuza okuningi kuye” kusho uProf Kruger.
Lenkakha eyazalwa kaMashu, yaphinde yazakhela ugazi kubabukeli ngendawo eyayiyilingisa kwiSgudi Snyasi ithe izizwa ihloniphekile ukuthi izobekwa ezingeni lamaqhawe ewahloniphayo.
“Ngigcwele injabulo futhi ngizizwa ngihloniphekile njengoba ngizobekwa ezingeni labantu engibahloniphayo kakhulu, abantu abafana noJoseph Shabalala kanye noSteve Biko,” kusho uMtshali-Jones.
Uzobe engaqali ukuchonywa uphaphe legwalagwala uMtshali-Jones.
“Ngo-2011 ngahlonishwa ngendondo yeLiving Legend, nalapho ebengisebenza khona emhlabeni jikelele ngihlonishiwe ngathola nezindondo. Lokhu kungijabulise futhi ngiyazigqaja kodwa bekuloku kunalesikhala nje, eqinisweni akukho ukuhlonishwa, imali nezindondo okuyodlula ukubongwa lapho uvela khona, futhi ubongwe iNyuvesi enkulu nehlonipheke njenge-DUT,” kusho yena.