Ngicela ukusika kwelijikayo odabeni oluphakathi kwePalestine nabacindezeli, i-Israel. Sekuyophela izinyanga ezintathu lawa mazwe ebhekene ngeziqu zamehlo, kodwa uma ulandela izindaba kucacela ngisho ingane encane ukuthi indlela i-Israel ekhethe ukulwa ngayo nenhlangano elwela inkululeko ePalestine, iHamas, ayinabo ubuntu.
Babalelwa ngaphezulu kuka-22 000 abantu asebebulawe amasosha ase-Israel selokhe kuqubuke impi phakathi kwalawa mazwe. Bawu-1200 kuphela abantu abafa iHamas ihlasela e-Israel, nakhona ngoba ilwela inqwaba yabantu abavaleleke eWest Bank nabanye abayiziboshwa e-Israel osekuneminyaka bengadedelwa nakuba iningi labo laboshwa lilwela inkululeko.
INingizimu Afrika sekuneminyaka yeseka ukuthi kube nesisombululo esizogculisa zonke izinhlangothi odabeni lwePalestine ne-Israel. Kuthe uma isuka impi nyakenye, uhulumeni wakuleli wami emazwini, wacela ukuthi kutholwe isisombululo ngaphandle kokuchitheka kwegazi.
Ngeledlule uMzansi ube yizwe lokuqala ukufaka i-Israel enkantolo (International Court of Justice) iyisola ngokubulala okuhleliwe kwabantu basePalestine.
I-Israel ithe izokuphikisa esolwa ngakho.
Noma kunjalo, ngicela ukuncoma uhulumeni wakuleli ngokumela iqiniso odabeni olushube njengalolu. Abakwenzayo, sengathi bengakwenza noma sebenukana amakhwaba bodwa ngendlela abaphethe ngayo izwe lakuleli.
Kuloba uThangithini Madlala eMgungundlovu.