Umdlali oyibamba esiswini kwiKaizer Chiefs uMduduzi Mdantsane uzohlala izinyanga ezintathu engadlali kulandela ukulimala engozini yemoto.

IKaizer Chiefs iveze lokho ngoLwesihlanu imemezela ezakamuva ezithinta abadlali abalimele.

Iphysiotherapist yeChiefs u David Milner iveze ukuthi uMdanstane ube sengozini yemoto muva nje, okuzomenza angalithinti ibhola ezinyangeni ezimbalwa ezizayo. Kuthiwa ukimale emhlathini.

“Wahlinzwa, uma konke kuhamba kahle, kulindeleke ukuthi abuye ezinyangeni ezintathu,” kusho uMilner.

Abanye abadlali beChiefs abazophuthwa yithuba lwepreseason nomqeqeshi omusha wuGeorge Matlou no Dillon Solomons. UMatlou kulindeleke ukuthi abuye ngo-October kulandela ukuhlinzwa edolweni, kanti uSolomons usazohlala amasonto awu-9 engadlali kulandela ukuhlinzwa ehlombe.

“UTebogo Potsane uza kahle, silindele ukuthi aqale ukuziqeqesha neqembu emasontweni amabili.”