Umqeqeshi oyibamba kwiKaizer Chiefs uCavin Johnson ubona esahlalelwe umqansa wokulungisa inkinga yokugeja nokungahlangani kweqembu.

IChiefs ibuye ngenothi eliphansi kwiDSTV Premiership ibambana ngo 0-0 neRoyal AM eHarry Gwala Stadium ngeSonto. 

IChiefs ibifika ebhokisini leThwihli Thwahla, kwavimba uPatrick Nyame ogcine eqokwe njengomdlali ovelele. 

UJohnson ubalule amathuba agejwe u-Ashley Du Preez kulomdlalo. 

Lomqeqeshi uthe kumphoxe kakhulu ukungahlangani kwezakhe. 

“Angazi ukuthi ngizothini. Sigeje amathuba amane abebalulekile. U-Ashley ugeje amathuba amane, bekufanele asebenzise noma elilodwa. Asilitholanga igoli. 

Sibhacazile namuhla. Angijabule ngebhola engilibonile kubadlali, besingenza kangcono kunalokhu engikubone namuhla. 

Ukuqokwa kukanozinti wabo njengomdlali ovelele kuchaza isimo somdlalo. Ibhola esilikhombisa ejimini alivelanga namuhla

Besingahlangene. Sigeje amathuba amaningi, bekufanele siwunqobe lomdlalo,” kuchaza uJohnson ekhuluma nabeSuperSport TV. 

UJohnson ukholwa ukuthi ezakhe bezingenza kangcono, ikakhulukazi uma sekufuneka bephaselane ibhola. 

“Kufanele sidlale kangcono ezinyaweni. Isimo senkundla besikuvumela ukuthi sidlale ibhola elidla utshani. Abadlali bazihlulekele ukudlala ngoba inkundla ibisesimeni esihle. 

Mhlampe bazodlala kangcono uma kubhadla ilanga. Kufanele siyolungisa ejimini,” kuchaza uJohnson.