Uzohamba mahhala uPaul Pogba owathengwa yiManchester United ngo-£89m kwiJuventus ngo-2016. Lo mdlali waseFrance sekunezinyanga aveza ukuthi akaziboni enekusasa kwi-United kulandela ukunganami ngokunganikezwa indawo athanda ukuyidlala eqenjini. 

UPogba ubephinde abalwe kubadlali abangayisizanga ngalutho i-United njengoba kubhimba izinto selokhe kwashiya uSir Alex Ferguson. 

“Wonke umuntu kwiMan United ufisela uPogba ikusasa elihle, siyambongela ngempumelelo aseyizuzile ebholeni nathi futhi siyabonga ngasenzele kona.” 

UPogaba unqobe izicoco ezimbili kuphela kwi-United emdlalweni ewu-226. Kuleyo mdlaloi ushaye amagoli awu-39 waba nesandla kumagoli awu-51. Izicoco wazinqoba ngesikhathi eqeqeshwa wuJose Mourinho, banqoba i-Europa League neFA Cup. 

Okwamanje akukacaci ukuthi uzojoyina liphi iqembu lo mdlali kodwa kumaqembu amgaqele kubalwa iJuventus nePSG phambili. 

IMadrid neBarcelona bake bazimisela ngaye esanda kunqoba iNdebe yoMhlaba kodwa yala ukumdedela i-United.

Abanye abadlali abashiyayo kwi-United wu-Edinson Cavani noJessie Lingard.