Sekuhlasele iCovid-19 esikwatini seBanyana Banyana ematasa namalungiselelo omdlalo wamaquarterfinals e-Africa Women’s Cup of Nations (AWCON).

IBanyana izobhekana neTunisia kuma-quarterfinals ngoLwesine.

Ngemuva kokulahlekelwa umgadli uThembi Kgatlana ongeke esadlala kulomqhudelwano ngenxa yokulimala, iBanyana isibhekene nomqansa njengoba sekuvele izindaba zokuhlasela kwe-covid-19 ekhempini yeqembu.

Amagama abadlali abahlaselwe iCovid-19 awadalulwanga.

UKgatlana ulimale umsipha ohlanganisa isihluzu neqakala ngesikhathi iBanyana ishaya iBotswana ngo 1-0 emdlalweni wokugcina wamaqoqo.

URodney Mokoka oyingxenye yethimba lodokotela kwiBanyana uthe kukhona isikhulu seqembu esitholakale ne-covid 19 ngaphambi komdlalo weBurundi. Uveze ukuthi kukhona umdlali otholakele enecovid-19 sekuphele umdlalo weBotswana.

“Kukhona isikhulu esitholakele necovid-19 ngaphambi komdlalo weBurundi. Lesikhuli saqheliswa eqenjini njengoba sasingakakhombisi izimpawu zokuhaqwa igciwane.

Sekusele izinsuku ezimbili kuqale umdlalo weBotswana, kukhona umdlali otholakele enegciwane, naye ubengakazikhombisi izimpawu zokuhaqeka. Uqhelisiwe eqenjini, walulama endaweni ecashile. Umdlali abehlala naye egumbini lokulala utholwe engenalo igciwane futhi ubengazikhombisi izimpawu zecovid-19. Bobabili baphuthelwe umdlalo weBotswana,” kubeka uMokoka ecashunwa abeSafa.net.

Uma iBanyana inqoba ngoLwesine, izobe isizibekisela ngendawo kwiNdebe yoMhlaba ezosingathwa ngokuhlanganyela i-Australia neNew Zealand ngo-2023.