Izinkunzi zaseMorocco iRS Berkane basolwa ngokuzama ukufumbathisa emdlalweni abawunqoba bebhekene neTP Mazembe emdlalweni weCAF Confederations Cup, okuwumqhudelwano owagcine unqotshwe iyona iBerkane.
Ngokombiko weBenin Web TV, iMazembe isola owayeyi-physical trainer u-Alexandre Coppolani ngokuzama ukukhokhela unozinti weqembu ngesikhathi lamaqembu ebhekene kuma-semifinals eConfed Cup.
IBerkane yanqoba ngo 4-1 sekuhlanganiswe imiphumela yemilenze emibili.
“Lelicala lisuse izinkulumo kubathandi bebhola, e-Africa nase-Europe. Ngemuva kokukhishwa yiRenaissance Sportive de Berkane ngesihluku sika 4-1 kwiConfed Cup, iTP Mazembe isola izimbangi ngokunqoba umdlalo isebenzisa amaqhinga okukhohlakala.
IMazembe, eyaxosha u-Alexandre Coppolani, imsola ngokuzama ukufumbathisa unozinti weqembu ukuze kuzonqoba iBerkane.
U-Alexandre Coppolami akathulanga esebona lezinsolo, ufake udaba ezinkantolo zaseFrance nasezigungwini ezikhethekile.
Encwadini yesikhalazo ayithumela kwiFIFA, uCoppolami ugeqe amagula waveza ukuthi inkontileka yakhe iphela ngonyaka ka-2024. Ukhala ngokuthi ukuchithwa kwakhe kufana nokuthi uyahlukunyezwa,” kubeka umbiko weBenin Web TV.
Kuvela ukuthi uCoppolani ufake incwadi yesikhalazo ebhekiswe kwimenenja yeMazembe nonozinti weqembu uBaggio Siadi.
Lezindaba zizonyusa ithemba kubalandeli neBucs njengoba sekuvela ukuthi iBerkane kungenzeka iphucwe indebe uma itholakala inecala.
Ngokomthetho weCAF, iqembu elinqobe umdlalo wamanqamu lisebenzisa amaqhinga enkohlakalo lizophucwa indebe, inikezwe iqembu eliqede endaweni yesibili. Iqembu elitholakala linecala lokukhwabanisa lizomiswa iminyaka emithathu kwimiqhudelwano yeCAF.
Kuloludaba, isigameko esisolwayo asenzekanga emdlalweni wamanqamu, angeke iPirates inikezwe indebe uma iBerkane ilahlwa yicala.