Owayeyisitobha seKaizer Chiefs uDaniel Cardoso uthi akazange anqobe izindebe empilweni yakhe kodwa ufuna ukukushintsa lokho njengoba esedlala kwiSekhukhune United.

UCardoso wethulwe njengomdlali weSekhukhune omusha ngesonto eliphelile.

Lomdlali uthi ufuna ukunqoba izindebe njengoba esesayine kwiBabina Noko.

“Iqembu linezifiso eziningi njengoba lisayinise abadlali abasha, ngiyajabula ngokuba yingxenye yohambo. Ngifuna ukunqoba izindebe, ngebhadi angikaze ngiqukule neyodwa indebe. Ngiyathemba ngizokwazi ukunqoba izindebe neqembu lami elisha. Ukunqoba izindebe kwenziwa yiqembu.

Ngiyathemba ngizokwazi ukusiza abadlali abasebancane njengoba sengimdala. Ngizobadlulisela isipiliyoni sami ukuze bezophucuka. Ngiwumholi omuhle, abadlali bazofunda okukhulu kimina,” kusho uCardoso.

UCardoso ukholwa ukuthi ezakhe zingakwazi ukuqeda kwiTop 4 is kwiDSTV Premiership ngesizini ka-2022/23.

“Ngifuna ukubona iqembu liqeda endaweni yesine ngesizini yami yokuqala. Zikhona izindebe esingazilwela, ngiyathemba sizobuyisa eyodwa kwiSekhukhune,” kubeka uCardoso.