UNgqongqoshe wezokuThutha uNkk Peggy Nkonyeni, uncome ukusebenza ngokuzikhandla kwamaphoyisa ebambisene nomphakathi ekutheni athole imoto yomnyango ebidunwe izolo egaragi iShell ekwaMuthwa ngaphandle kwaseMlaza.
Kwisitatimende esikhishwe UNkk Nkonyeni uthe: “Ochwepheshe balo mnyango akade besebenza izolo badunwe iveni emhlophe yakwa Ford Ranger (KZN 13445), ngabasolwa akade behlomile ngezibhamu egarage iShell elikwaMuthwa ngaphandle kwaseMlaza.”
Uthe ochwepheshe behlekelwe ilomshophi ngenkathi bebephuma ukuyolungisa umgwaqo u-L1159 oseMbumbulu owagugulwa izikhukhula.
UNkk Nkonyeni uthe amalungu eRoad Traffic Inspectorate (RTI) uthe alunywe indlebe ukuthi imoto iseFolweni.
“Imoto itholakale lapho abasolwa akade beyishiye eFolweni, kodwa ibisingekho esimweni sokuthi ingashayelwa ithathiwe yayiswa ephawundini,” kuchaza uNkk Nkonyeni.
Eqhuba uthe loku kuyatshengisa ukuthi uma amaphoyisa nomphakathi bangasebenzisana kanje kungaliwa nobugebengu.
Uthe abasolwa kumele babanjwe bajeziswe. “Amathimba omnyango enza konke okusemandleni ukulungisa umonakalo owadalwa izikhukhula kodwa asejika abe izisulu zobugebengu. Siyanxusa nokuthi abasebenzi bomnyango ukuthi baqaphele,” kusho uNkk Nkonyeni.
“Loku kuwukubukela phansi umsebenzi wahulumeni wokuzama ukulungisa isimo emva kwezikhukhula. Isenzo esinjena ngiyasigxeka kanti kumele bajeze kanzima abasolwa,” kusho uNksz Nkonyeni.
#KZNFloods | Today the Minister of Transport, Fikile Mbalula, accompanied by the MEC for Transport, Community Safety and Liaison, Peggy Nkonyeni, Prasa and Sanral executives, today inspected the damage in road infrastructure following the devastating floods. pic.twitter.com/OAGCBIsKEr
— South African Government (@GovernmentZA) April 16, 2022
Uthe umnyango wezokuthutha uhlanganyele nezinye izinhlaka zikahulumeni basebenza kanzima ekutheni balungise umonakalo eKZN.
“I-Yellow plant nabasebenzi bakweminye iminyango esifundazweni baqokiwe ukuba bazolungisa umonakalo kwizifunda iLembe, Ugu, King Cetshwayo kanye neTheku,” kulandisa uNksz Nkonyeni.
Uthe umnyango unemigwaqo engaphezulu kuka 1 369 okumele kulungiswe ingqalasizinda yayo wathi imali edingakalayo ukulungisa lomonakalo ilinganiselwa ku R6.3 billion.