Uhlangabezane nezimbilazithutha uMengameli uCyril Ramaphosa ogcine ephoqeleke ukuba ashiye phansi inkulumo yakhe yokugubha usuku lwabasebenzi ngemuva kokuhlaselwa abasebenzi esiteji.
URamaphosa ubezokwethula inkulumo ebalulekile emashini yeCOSATU eRustenburg, eNorth West izolo. Kuphoqelekile ukuthi onogada bambalekise esiteji njengoba abasebenzi abebediniwe beqale umbhikisho bemfuna ehambile.
Isikhalo ebesiphezulu besimayelana nokunyuswa kwemali yomholo kubasebenzi basemayini yegolide iSibanye-Stillwater. Lwabasebenzi bafuna iholo labo linyuswe ngo-R1,000.
Sekuphele izinyanga ezintathu lwabasebenzi bebeke phansi amathuluzi ngemuva kokuba imayini inqabe ukubanikeza imali abayifunayo. Imayini ibeke u-R800 kodwa abasebenzi basanqaba ukuvuma iholo imayini.
Labasebenzi abacasukile badalule ukuthi abasoze bavumela uRamaphosa aqhubeke nenkulumo yakhe engakayinaki indaba yeholo labo. Baveze ukuthi kwayena uMengameli uyazi nenkinga yabo.
Inkundla IRoyal Bafokeng ibingagcwele ngesikhathi kusekhona amalungu eCOSATU, kuqale ukunyimfika sekufike abasebenzi baseSibanye Stillwater.
Labasebenzi baphazamise uhlelo seluzoqala noRamaphosa eselungiselela inkulumo yakhe.
UMengameli weCOSATU uZingiswa Losi noRamaphosa bazamile ukukhuluma nequlu lezisebenzi kodwa bahluleka njengoba abasebenzi bebengafune kuzwa lutho.
Ngesikhathi sekuqina imibhikisho, uRamaphosa uphendule kanje: “Kulungile ngizonilalela, sengizizwile izikhalo zenu.”
Labasebenzi baqhubekile nokubhikisha, kulokhu sebesondela esiteji. URamaphosa uthe Isikhalo sokunyuselwa umholo ngo-R1,000 sizwakele futhi bazosifakela izibuko.
Kulandele ngokuthi uRamaphosa abalekiswe esiteji, ayofakwa evening yamaphoyisa, eshayele yadla phansi. Abasebenzi bagcwale esiteji, bashaya umculo nengoma.