Umgadli we-Orlando Pirates uGabadihno Mhango usevumelene neqembu ngokunqamula inkontileka yakhe uma kuphela isizini.

Lezindaba ziqinisekiswe iphephandaba laseMalawi iThe Nation. Kuvela ukuthi uMhango uzisholo yena ukuthi uyashiya kwiBucs ngenxa yokushikisha ibhentshi.

“Sibambe umhlangano ezinsukwini ezedlule, savumelana ngokunqanyulwa kwenkontileka. Ngiyajabula kakhulu ngoba ijezi belingeja eqenjini. Lesizini ingiphathe kabi, sengifuna ukuqhubekela phambili, ngithemba ukuthi izinto zizongikhanyela manje,” kusho uMhango.

UMhango uphinde wadalula ukuthi imenenja yakhe uMike Makaab umzamela iqembu njengoba egaqelwe iKaizer Chiefs, Royal AM, izinkunzi zase-Afrika iTP Mazembe neSimba SC yaseTanzania.

“Ungitshele ukuthi kunamaqembu angifunayo, sibambe omunye umhlangano izolo ukuze sizocaba indlela eya phambili. Sengilinde ukubona ukuthi kuzokwenzekalani ekupheleni kwesizini.”

Amanye amahebezi akhomba ukuthi lomgadli ufunwa iqembu elikhulu laseSweden elingadalulwanga ngegama.

UMhango wayeshisa izikhotha kwi-Africa Cup of Nations (AFCON) ngoJanuary eshaya amagoli amathathu eqenjini leMalawi elakhishwa kwi-last 16.

Umqeqeshi we-Orlando Pirates uMandla Ncikazi wathi ifomu kaMhango kwi-AFCON ayichazi ukuthi usezozitamuzela isikimu. Lomdlali ubonakale kahlanu kuphela enkundleni kulesizini.