Isethenjwa seManchester United uBruno Fernandes uthi uyavumelana nabalandeli abasole iningi labadlali ngokungabi sezingeni elifanele lokudlalela iqembu.
Abalandeli be-United bebedinwe begane unwabu ngemuva komdlalo wePremier League iqembu labo lititinywa iBrighton & Hove Albion ngo 4-0 e-Amex Stadium izolo.
IBrighton ibifika epalini, kwasiza unozinti uDavid De Gea ngokugeja kwabagadli beSeaGulls. Okumangaze kakhulu ngalomphumela ukuthi iBrighton ibingakaze inqobe umdlalo weligi osekhaya kulonyaka.
Lesizini izobalwa njengeyihlazo emlandweni wePremier League njengoba i-United isidedele amagoli amaningi ngesizini eyodwa, yaphinde yaqoqa amaphuzu amancane uma kuqhathaniswa namasizini adlule.
Abalandeli beqembu bebesho ukubaqeda abadlali esiwombeni sesibili, abanye bekusho kugcwale umlomo ukuthi ‘Abadlali abakulungele ukudlalela iMan Utd.’
Ekhuluma nabeSky Sports, uFernandes uthe uyakuvuma ukuthi ijezi liyabasinda abadlali.
“Nami ngiyazibala kulenkulumo. Konke esikwenze namuhla, nami engikwenzile, akwanele ukuthi singadlalela iManchester United. Ngiyakuvuma lokho,” kusho uBruno.