Ngonyaka odlule iCAF imemezele umqhudelwano omusha, i-Africa Super League, ozoqhatha amaqembu amakhulu asemazweni ahlukene e-Africa.
Lo mqhudelwano ngeke usivale isikhala seCAF Champions League njengoba kuzoba yiligi ezodlalwa kusukela ngo-August kuya ku-May.
Ngesikhathi yethula lo mqhudelwano iCAF yamemezela ukuthi kuzoqhudelana amaqembu awu-24, izwe ngalinye (kumazwe awu-16) lingakwazi ukumelwa amaqembu amathathu.
Ngokwemibiko yezintatheli zangenhla ne-Afrika nokho kuvela ukuthi iCAF isihlongoza ukuqala ngamaqembu awu-12. Njengamanje isivumelene namaqembu awu-8 ngokudlala kulo mqhudelwano, kuthiwa isazoxoxa namanye amaqembu amane. Ngonyaka ozayo isibalo samaqembu sizokhuphukela ku-16, bese kudlala awu-24 kusukela ngo-2025.
Kule nyanga izikhulu zeCAF zivakashele i-Al Ahly, kwabikwa ukuthi zizoqhubeka zihlangane nabaphathi beRaja, ES Tunis Wydad, Simba, Horoya Hearts neMamelodi Sundowns.
Iqembu elizonqoba lo mqhudelwano lizonikezwa u-$25 million (R426 millon).