Amaphoyisa aseGauteng athungatha abasolwa abebehlome beyizingovolo behamba bedubula abantu e-Alexander ngoLwesine ebusuku.
Abasolwa badubule babulala abantu abahlanu, abanye abahlanu abadutshuliwe basinda.
Okhulumela amaphoyisa eGauteng, uLietenant Colonel Mavela Masondo, uthe imibiko itshengisa ukuthi izisulu zilinyazwe ezindaweni ezehlukene.
“Abasolwa baqala bahlasela abantu akade behamba ngemoto iToyota Etios emgaqweni kuFourth Avene noSelborne baqhumisa isibhamu kwalimala oyedwa. Okwesibili bangenele umgwaqo oku-11 Avenue noBoulevard lapho bafike baphuca khona abantu amafoni abo akade be-charger amafoni njengoba ugesi kade ungekho, babadubulile,” kuchaza uLt Col Masondo.
Eqhuba uthe abadutshuliwe baphuthunyiswe ezibhedlela. Uthe kuwona umgwaqo uBoulevard izigilamkhuba zihlangane nomunye kulo mgwaqo zamdubula washona.
“Esinye isisulu sidutshulwe sabulawa emgaqweni uSeventh Avenue, abanye abantu ababili baphucwe amafoni abo nezicathulo. Zibe sezidlulela phambili izigelekeqe zahlasela abantu abathathu emgaqweni uSixth avenue lapho oyedwa edutshulwe wafa ababili badluliselwa kwabezempilo,” kuchaza uLt Col Masondo.
ULt Col Masondo uthe abanolwazi bangathinta amaphoyisa kulenombolo: 08600-10111 noma baye esiteshini samaphoyisa esiseduze, noma bahlabe umkhosi kwi-app yakwaSAPS.