Agcine eqhathiwe amaqembu azotholana phezulu kuma-semifinal eMTN8 ohlelweni i-Extra Time. Ompetha balo mqhudelwano iMamelodi Sundowns, bazotholana phezulu ne-Orlando Pirates e-Orlando Stadium emdlalweni wokuqala. Kowesibili kuzongqumuzana iKaizer Chiefs naMaZulu FC azobe ezama ukunqoba iWafa Wafa okokuqala emlandweni.

Ama-semifinal okuqala (first leg) azodlalwa ngoMgqibelo ngo-October 1 2022, ziphinde zihlangane ngo-Okthoba 22 emlenzeni wesibili.

Okuzojabulisa abaningi ngale midlalo wukuthi sekucacile ukuthi umdlalo wamanqamu uzoba mnandi ngisho ngabe kuthiwa kubhekana maphi amaqembu. IFinal kungase kube yi-Orlando Pirates vs AmaZulu, Sundowns vs Kaizer Chiefs, Sundowns vs AmaZulu noma kube yi-Orlando Pirates vs Kaizer Chiefs. Konke kuzocaca ngo-Okthoba 22.

Bathing abantu nge-draw yayizolo?