Umqeqeshi weStellenbosch FC uSteve Barker ushiye umbuzo mayelana nesinqumo sephenathi esiguqulwe unompempe uJelly Chavani esesikhiphile.
UBarker uyavuma ukuthi isinqumo sikaChavani sishaya esikhonkosini, kodwa ukhala ngokuthi lephenathi ibingeke iguqulwe ukube beyitholwe iKaizer Chiefs ebakhiphe kwiMTN 8 izolo.
IChiefs inqobe ngo 4-3 sekukhahlelwa amaphenathi.
UJelly Chavani uyikhombe emlotheni iphenathi esola uKeagan Dolly ngokubamba ibhola ngesandla ebhokisini sekwengezwe isikhathi sikanompempe.
UChavani usijikile isinqumo sakhe ngemuva kokukhuluma nosizi wakhe (4th official) osibone kangcono lesigameko.
Baqale bakhalaza abadlali beStellies kanye nethimba labaqeqeshi. UBarker ugcine evumile ukuthi bekungasiyo iphenathi.
“Ngizwile ukuthi unompempe uthathe isinqumo esihle. Angazi noma ngikhalaze ngokushoda kweVAR kuleli, bengizitshela ukuthi iphenathi. Ngithemba ukuthi izinqumo ezilungile zizoqhubeka zibonakale.
Kodwa ngiyazibuza ukuthi bekuzokwenzakalani ukube lephenathi ibitholwe iqembu ebesidlala nalo sekusele imizuzu emibili kuphele umdlalo. Ngiyathemba unompempe ubengasijika isinqumo,” kubeka lomqeqeshi ekhuluma nezintatheli sekuphele umdlalo.
UBarker uthi akabasoli abadlali abageje amaphenathi uDino Van Rooyen noLuezi Likuta.
“Sibe nohlelo lokujimela amaphenathi, besizama ukunyusa izinga labadlali uma kufika isikhathi samaphenathi emdlalweni.
Kunesikhathi eside sijima amaphenathi, bengifuna ukufakela abadlali ingcindezi, ngibone nabadlali abakwazi ukushaya amaphenathi.
Bengibazi abadlali abazokhahlela amaphenathi, nabo bebecijile. Kufanele uqine isibindi uma ukhahlela amaphenathi. Kunzima ukushaya iphenathi kugcwele phama enkundleni.
Kuyenzeka uyivalele enethini noma ayivimbe unozinti. Amaphenathi esiwagejile abengenaso isivinini kodwa angeke ngigxeke abadlali ngokugeja amaphenathi. Ngizobancoma ngokuba nesibindi sokushaya amaphenathi,” kubeka lomqeqeshi.