Ukungalingani kwabantu ngokwezinhlanga zabo kwenza  ukubungaza usuku lwenkululeko kube yizeleze, okufana nokuthi kusaqhubeka nokukhohliswa abantu,” lenkulumo icashunwe kuMengameli we-EFF uJulius Maema ngoLwesithathu. 

UMalema ubethula inkulumo yokugubha usuku lwenkululeko eTshwane. Uthe lokusuku olokujabulela inkululeko yokuphila bakholwe izinkinga ababhekene nazo ezihlula uHulumeni. 

UMalema uthe i-EFF ibona kuyizeleze ukubungaza usuku lwenkululeko ngoba abantu abansundu ababuyiselwanga umhlaba abawuphucwa futhi abanalo igalelo emnothweni wakuleli. 

Uthe inkululeko ngokwezepolitiki kufanele ihambisane nenkululeko emnothweni wezwe. 

Lenhlangano ikhiphe isitatimende esishisayo ezinkundleni zokuxhumana, ihlaba ihlikiza uHulumeni wakuleli ngokuhluleka ukufukula umnotho nokuguqula isimo senhlalo kubantu abansundu. 

“Inkululeko yakuleli ingamanga amakhulu, sitshelwa uhide lwezinto ezingekho. Inkululeko yezwe yaqhamuka ngemuva kwezingxoxo ezazicashile futhi nabaphehli bodlame nobandlululo abakaze bajezele amacala abo.

Inkululeko esayithola ngo-1994 iyizeleze, abantu abaphethe umnotho yibona abalawula ipolitiki kanye nomnotho wezwe. Umqingo wokulawula iNingizimu Afrika ubhalwa eWashington. Ubhalwa yizinhlangano ezinkulu zezezimali ezifuna ukudla umnotho wethu zishiyele abantu abansundu ushintshi. 

I-EFF ithe abantu abansundu basahlala emalokishini anendawo encane, abanye basemikhukhwini abakwazi ukuthola amanzi aphephile, imfundo, amathoyilethi nezindlu ezihloniphekile. 

“Yingakho sihlulwa yizifo nezinkinga.”
Lenhlangano ibhale amaphuzu ayisikhombisa okuyiwona angaqinisekisa inkululeko kulelizwe. 

– Ukubuyiselwa komhlaba kubantu ngaphandle kwesinxephezelo ukuze kuzohlomula abantu abaningi. 

– Ukubuyiselwa kwezimayini, amabhange nezinye izinhlaka zomnotho kuHulumeni.

Lokhu kufanele kwenziwe ngaphandle kwesinxephezelo. 

— Ukubunjwa kabusha kukaHulumeni ukuze kuzoqedwa ngohlelo lwamathenda. 

— Imfundo yamahhala eseqophelweni eliphezulu, izindlu ezihloniphekile, amathoyilethi nokunakekelwa kwezempilo okusezingeni. 

— Ukwakhiwa kwamafemu amaningi ukuze kuzovuleka imisebenzi yabantu. Ukuholelwa kwabantu imali ehloniphekile ukuze kuzoncipha igebe kubantu abahlwempu nalabo abadla izambane likapondo, kunciphe neholo elaqala kusaphethe uHulumeni wobandlululo, kukhushulwe nemikhakha yemisebenzi ezosiza abantu base-Afrika.

— Ukukhuliswa komnotho wase-Afrika, kuqalwe nezingxoxo ezizobuyisa ubumbano ezwenikazi I-Afrika. 

– UHulumeni othembekile, ovulelekile, ongenayo inkohlakalo.