Unompempe osanda kumela iNingizimu Afrika kwiNdebe yoMhlaba, uVictor Gomes, uthi kuningi asokwenzela ibhola lakuleli njengoba esememezele ukuthi usethi khumu kulo msebenzi.
UGomes (40) uveze lo mbono ekhuluma kwiMarawa Sports Worldwider ngoMsombuluko lapho aveze khona ukuthi usefuna ukushintsha akwenzayo kwindima yebhola.
“Sengikutholile ebengifisa ukukuzuza ebholeni. Ngikholwa wukuthi ngenze kangcono kunonompempe abafike ngaphambi kwami, manje sengifuna ukubona abazolandela benza kangcono kunami,” kusho uGomes.
“Ibhola lisegazini. Yingakho ngithi kuningi engisafuna ukukwenza ngoba ngiyalithanda ibhola.”
UGomes uyivumile ingcindezi ehambisana nokuba wunompempe, kodwa wathi ngaso sonke isikhathi ubezama ukuthi athathe izinqumo ngendlela efanele. Uthi bekungamethusi ukuthi ezinye izinqumo abezithatha bezimqhatha nabalandeli ngoba ubenza umsebenzi wakhe.
“Ayenzeka amaphutha kodwa njengonompempe siyafunda kuwo, sizame ukwenza kangcono ngokuzayo.
Ebuzwa ngokusebenza kweVAR kwiNdebe yoMhlaba, uGomes uthe isebenze kahle eQatar inkinga ukuthi abantu abachazeliwe kahle ukuthi isebenza kanjani.
“Zonke izinqumo enkundleni zithathwa wunompempe kodwa iVAR ibheka yonke into. Kuyenzeka ngesinye isikhathi ababukeli bengaboni ukuthi iVAR isibhekile isigameko esithile, kodwa bayaxhumana nathi basazise ngoba ezinye izinto zenzeka ngokushesha.”