IMamelodi Sundowns ishayele isipikili kwiKaizer Chiefs iyibhaxabula ngo 5-1 phambi kwabalandeli bayo yadla isicoco seligi okwesikhombisa kulandelana.
ISundowns inqobe ngamagoli avalelwe wuTashreeq Matthews (52′, 82′), Matias Esquiel (56′), Ribeiro Costa (90′) nelikaThembinkosi Lorch elingene ngomzuzu wokugcina emdlalweni.
IChiefs ibike ngepenalty evelalwe wuMduduzi Shabalala.
Ikhadi elibomvu elitholwe wuGiven Msimango ngomzuzu ka-19 lifakele iChiefs ingcindezi njengoba kwaziwa ukuthi iSundowns idlala ngokugcwalisa abadlali esiswini nasebhokisini uma ihlasela, ukushoda ngomdlali oyedwa kuphazamise amaqhinga kaCavin Johnson okumelana nalokhu.
Ekhuluma ngemuva komdalo lo mqeqeshi uthe badlali kahle esiwombeni sokuqala ngaphambi kwekhadi elibomvu.
“Besiwuphethe isikhathi esiningi umdlalo esiwombeni sokuqala, abenzanga lutho. Kodwa ke ukushoda ngomdlali kuzwelile esiwombeni sesibili. Sizamile kodwa ngibone sesigqishe emuva kakhulu sekuyophela umdlalo.
“Sizamile ukuphusha abadlali, abadlali babo bathola izikhala bavalela amagoli. So, ja, singenzani?”
“Kumele sibuyele emuva siyosebenza ngoba sisanemidlalo emine esele, kumele siyidlale ezingeni eliphezulu, hhayi njengoba ngendlela esidlale ngayo namhlanje. Kuphele umdlalo sesinganawo umdlandla wokudlala.”