Oyisikhulu esiphezulu kwiStellenbosch FC uRob Benadie usekhiphe isitatimende mayelana nesigameko sabalandeli abagcwala phakathi enkundleni sekuphele umdlalo weMTN 8 neKaizer Chiefs.
Ukuqala kwalomdlalo kwahlehliswa ngemizuzu engu-30 ngesizathu sokunikeza abalandeli isikhathi esanele sokungena enkundleni iDanie Craven. Umdlalo wawuzoqala ngehora lesithathu emini (15:00).
Umdlalo waphinde waphazamiseka esiwombeni sesibili sekubonakala abalandeli beChiefs bechanasa enkundleni ngemuva kokungena kwegoli lika-Ashley Du Preez.
IGlamour Boys yagcina inqobe ngo 4-3 sekukhahlelwa amaphenathi kulomdlalo.
Abadlali abalitholanga ithuba lokuyobhiyiza nabalandeli ngoba kwazalela ihlokohloko enkundleni, abalandeli sebezenzela. Abadlali babaleka sekwenzeka lesigameko.
UBenadie uthi isixolisile iPremier Soccer League (PSL) eyayiphethe ezokuphepha kulenkundla ngesikhathi somdlalo
“Umhlaka 28 ku-Agasti 2022 usuku lomlando eStellenbosch. Akugcinanga ngokuthi lomdlalo uthamelwe abalandeli abayinqwaba emlandweni kodwa kwakuqala ngqa ukuthi kusingathwe umdlalo weMTN 8 kulenkundla.
IStellenbosch yazifaka kwiMTN 8 ngokuqeda endaweni yesine ngesizini edlule.
Umdlalo ubumnandi impela, amaqembu ethengana, kukhona amagoli nezinqumo ezingezinhle. IKaizer Chiefs igcine iwine emaphenathini ngoba umdlalo uphele ngo 1-1.
IPremier Soccer League, okuyiyona ehlele lomdlalo, ikhiphe isitatimende icacisa ukuthi lomdlalo uzogcwala phama ngoba amathikithi adayise aphela. IPSL yahlela ezokuphepha ngaphambi komdlalo ngoba inkundla imumatha abalandeli abangu-15 000.
Umdlalo wamoshwa izigameko zobuhlongandlebe okwenziwa abalandeli ababejabule ngokweqile. Balimaza ucingo olugade abalandeli. Ukugcwala kwabalandeli enkundleni kuphazamise umdlalo.
Kwaphinde kwavela izinkinga mayelana nezokuthutha, kwagcine sekupakwa izimoto ngokungemthetho ezindaweni zenkundla. Siyabonga ukuthi asikho isigameko sokulimala nokuhlukumezeka esesibikiwe.
IStellenbosch FC siyaxolisa kubalandeli abahlonipha umthetho kanye nabahlali basezindaweni ezakhele inkundla ngokuhlukumezeka.”
UBenadie uqinisekise ukuthi bazobamba umhlangano nePSL ngomhlaka 1 kuSepthemba.