Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane ubona ezowaqhulula amagoli umgadli wakhe u-Ashley Du Preez okhuze ibuya ngegoli bebhekene neStellenbosch kwiMTN 8 ngempelasonto.
UDu Preez uphuthelwe imidlalo emithathu edlule ngenxa yokulimala emdlalweni weMaritzburg United abayishaya ngo 3-0.
UDu Preez (25) ushaye igoli lokulinganisa esiwombeni sesibili ngaphambi kokuthi umdlalo uyophela sekukhahlelwa amaphenathi.
UZwane uthi lomgadli uzovutha kakhulu uma eseluleme ngokugcwele.
“Kubuye u-Ashley obesehlale imidlalo engadlali. Yena ubengekho kahle emdlalweni ngoba ubuya ekulimaleni.
Besikhathazekile ngokumdlalisa ngoba besisaba ukuthi uzophinde alimale. Besizama ukumphatha kahle, bengazi ukuthi angeke awuqede umdlalo,” kusho lomqeqeshi.
Ngaphambi kokuqala kwesizini, uZwane wancoma uDu Preez, embiza ngomunye wabagadli abasezingeni kuleli. UDu Preez useshaye amagoli amabili emidlalweni emithathu.
“Kuhle ngoba ushaye igoli elizobuyisa ukuzethemba kuye. Ngibona ezokwenza kangcono emdlalweni olandelayo ngokuzimisela, kungenzeka ashaye amanye amagoli. Siyajabula ngokubuya kwakhe,” kubeka uZwane.
IChiefs izodlala naMaZulu emdlalweni weDSTV Premiership ngoMgqibelo eFNB Stadium.