Imenenja yeKaizer Chiefs uBobby Motaung uthi kuyiphutha ukukhonjwa kweqembu labo, kukhulunywe kabi ngalo sengathi yilona lodwa elibhacazayo.

UBobby uthi izingqinamba ababhekane nazo zidalwe ukushintsha abaqeqeshi kumasizini adlule. Uvezele abezindaba ukuthi ukungawini izindebe osekudonse iminyaka eyisikhombisa kukhombisa ukuthi kudingeka ushintsho.

IChiefs iqashe u-Arthur Zwane njengomqeqeshi, yabeka uDillon Sheppard ozoba yiphini lakhe. Sebekhona abadlali abathengiwe okunguZitha Kwinika no-Ashley Du Preez, bobabili abasayinwe kwiStellenbosch.

Eminyakeni engu-51 kwasungulwa iChiefs, iGlamour Boys yayinomlando wokuqeda unyaka owodwa ihluleka ukunqoba isicoco.

UBobby uthi abantu banehaba ngesimo seChiefs, izinto azibhedi ngalendlela okubukeka ngayo. Uthi yize kuhlasele isomiso sezindebe emashalofini, iChiefs ifinyelele emidlalweni yamanqamu kumasizini adlule.

“Sekuphele iminyaka eyisikhombisa, kodwa sesifinyelele emidlalweni yamanqamu eminingi kuleyominyaka eyisikhombisa. Kwasala kancane sinqobe iligi kwenye isizini. Kushoda izinto ezincane, akusikhona ukuthi iqembu libheda ukuwadlula wonke amaqembu akhona.

Sifinyelele emdlalweni wamanqamu weChampions League, okwaba yihlandla lokuqala emlandweni weqembu. Siphinde sahluleka ukunqoba emidlalweni yamanqamu kusekhona uSteve Komphela,” kubeka uBobby.

Kungenzeka ukuthi iChiefs ayilona iqembu elibhekene nesimo esibucayi, kodwa liyabhacaza uma sekuhlolisiswa ngokwezinga leqembu. Bekuyinto engajwayelekile ukuthi Amakhosi aqede isizini engaqukulanga ngisho eyodwa indebe.

UBobby uthi ukushintshashintsha abaqeqeshi kungaba yisizathu esibafaka kulolutaku.

Ngemuva kokuhamba kukaStuart Baxter ngo-2015, iChiefs yaqoka uKomphela, owalandelwa uGiovanni Solinas, Ernst Middendorp, I Gavin Hunt. Kuphinde kwabuya yena uBaxter ngo-2021 kodwa iChiefs imxoshile ngo-Ephreli nonyaka.

“Kungenzeka ukuthi ukushintsha abaqeqeshi kuliphazamisile iqembu ngoba bekunzima ukuqhubekela phambili. Kungenzeka kube yisona isizathu sokubhacaza kweqembu.

Sibone kungcono ukuqasha abantu asebelijwayele iqembu abazoqhubeka nomsebenzi ngoba bayabuzwa ubuhlungu namabhadi okuphuthwa izicoco. Isomiso simbi kakhulu ngoba siyiqembu elijwayele ukunqoba izindebe ngokomlando.

Yingakho siqoke ukubumba iqembu kabusha. Umqeqeshi osemncane nethimba lakhe abazofika nemicabango ehlulekile ezowinisa iqembu. Balilambele lelithuba, bafuna ukunqoba izindebe neqembu. Ngibona bezofika nesisombululo kulesimo esibhekene naso,” kubeka uBobby.