Umqeqeshi osabambile kwiSuperSport United u-Andre Arendse uthi usekulungele ukubamba izintambo unomphelo uma iqembu lingamnikeza ithuba.
U-Arendse ubambe izintambo okwesikhashana ngesikhathi kuxoshwa uKaitano Tembo ngo-Ephreli. Ngemuva kwalokho, ubengumlolongi wonozinti.
U-Arendse uhole AmaTsatsantsa emidlalweni eyisikhombisa kwiligi, wawina emibili, emine yaphela ngokulingana, wahlulwa kowodwa.
Iqembu lakhe lishaye i-Orlando Pirates ngo 2-0 ngoMsombuluko, langena kwiTop 8 ebekubukeka sekuyingcuphe ukungena kuyo. Ukubeke obala ukuthi usefuna ukuqeqesha iqembu ngokugcwele.
“Benginikezwe umbandela wokufaka iqembu kwiTop 8. Angifuni ukukhuluma kakhulu ngezinye izinto. Ukuqeqesha iqembu ngikubheke ngamehlo abomvu.
Ngisebenze neqembu kakhulu ngiseyiphini likamqeqeshi. Ngiyabazi abadlali, ngiyazazi nezindawo ezindinga ukulungisa ukuze iqembu lizoya phambili, ngibona ukuthi lokho kuzokwenza ngiqashwe.
Ngibona ukuthi ngisishintshile isimo eqenjini. Sisebenzisana kahle, nabadlali bayakwazi okufanele bakwenze ukuze siphumelele. Ukubamba izintambo ngokugcwele yinto engiyifunayo uma iqembu linganginikeza ithuba,” kusho u-Arendse ekhuluma nabezindaba.
U-Arendse udalule ukuthi uyafisa ukugcina u-Aubrey Ngoma owajoyina iqembu ngoFebruary.
“Sekufanele kucaciswe ukuthi uzohlala enye isizini noma uyadedelwa. U-Aubrey unginikeze isizathu sokumlwela ngoba ulisizile kakhulu iqembu,” kubeka u-Arendse.