Ukuhluleka ukungena kuma-Olympics ayebanjelwe eTokyo ngo-2020 kuyisizathu esikhulu esiphusha umdlali weBanyana Banyana uKholosa Biyana onesifiso sokubona iqembu lesizwe kwalandelayo eParis, eFrance ngo-2024. 

IBanyana izobhekana neDR Congo emdlalweni womlenze wokuqala wokuhlungela ama-Olympics eKinshasa namuhla. Umlenze wesibili uzobanjelwa e-Orlando Stadium ngoLwesibili emini (15:00). 

“Ukuhluleka ukungena kuma-Olympics adlule kuyasigqugquzela ukuthi sizame ngokusemandleni ukuya eFrance. Sasiphatheke kabi ngesikhathi sihluleka ukungena kuma-Olympics. Abadlali abaningi basekhona,” kusho uBiyana ekhuluma nabeSowetan. 

IBanyana inqobe iWomen’s Africa Cup of Nations (WAFCON) ngoJulayi wangonyaka odlule, yalandela ngokushaya into ecokeme kwiNdebe yoMhlaba ikhishwa yiNetherlands kwi-last 16. 

UBiyana uthi abadlali bazimisele ngokufaka iqembu eParis ngoba yiwona umqhudelwano osabahlulile. 

“Ukungena kuma-Olympics kubalulekile ngoba sidlale kahle kwi-WAFCON neNdebe yoMhlaba. Kubalulekile ukuthi siqhubeke naleyo fomu,” kusho uBiyana. 

IBanyana yahlulwa omakhelwane iBotswana ngo 3-2 sekukhahlelwa amaphenathi, kwashabalala amaphupho ngeJapan. 

I-Afrika izomelwa amaqembu amane eParis ngonyaka ozayo.