ISouth African Football Association ihlela ukuyisa imidlalo yeBafana Bafana kwezinye izifundazwe kulandela ukudayisa amathikithi awu-168 kumdlalo wayo neSierra Leone owawuseFNB Stadium ngoSeptember 24. Nangenkathi isibhekene neBotswana ngoSeptember 27 iBafana yaphinda yabukwa izihlalo kule nkundla, abantu bengayingeni.
Ezinkundleni zokuxhumana abantu bakhala ngokungamakethwa kwalo mdlalo, kunabantu abaphumela obala bathi babengazi nokuthi liyadlala iqembu lesizwe. Okwenza kubukeke kubi kakhulu ukuthi amaSpringboks ayedlala ngosuku olufanayo ngesikhathi iBafana ibhekene neSierra Leone, igcwele phama iHollywoodbets King Park.
IBafana kulindeleke ukuthi idlale neBurkina Faso ne-Uzbekistan eDubai ngenyanga ezayo. Uma iBafana ingadlalanga neBurkina Faso isiyoze idlale kuleli isibhekene neLiberia ngoMarch kowokuhlungela i-AFCON 2023.
Isikhulu seSAFA uTebogo Motlanthe uthe bahlela ukuzama ezinye izifundazwe kulandela ihlazo laseGoli.
“Ngesikhathi iBafana idlala kweyeCOSAFA Cup izinkundla zazigcwala KwaZulu-Natal,” kuchaza yena.
“Kuhlale kuza isibalo esihle sabalandeli uma kudlalelwa eThekwini, Gqeberha naseLimpopo. EGauteng akuyona iBafana kuphela ehlulwa ukuthola abalandeli, ngisho namanye amaqembu amakhulu ebhola ayahluleka,”