Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthar Zwane ulindele ukuthi ube nzima umdlalo wabo neStellenbosch FC eKapa kule mpelasonto. Amakhosi anqobe ngo 2-1 ebhekene neSwallows FC akhuphukela kunombolo 5.
IChiefs izobhekana neStellies esiqoqe amaphuzu ayisikhombisa kwimidlalo emithathu edlule. UZwane ukushayele ihlombe ukuthi bakwazile ukubuya namaphuzu aphelele kumdlalo wabo odlule noma bengadlalanga kahle esiwombeni sesibili.
“Kubalulekile ukuthi sibuye namaphuzu aphelele. Kube kuhle ukuthi sinqobe sibhekene neSwallows ngoba kusiqaqile. Asidlalanga kahle esiwombeni sesibili kodwa. Siyiqembu elifuna ukuwafaka ngaphansi kwengcindezi amaqembu esidlala nawo kuze kuphele umdlalo kodwa kweiznye izikhathi kumele siwine singadlalanga kahle, okuyinto ezoqinisa ubumbano eqenjini,” kuchaza uZwane.
“Ayikho imidlalo elula. Sizobhekana neStellenbosch eshaye iMaritzburg ngo 3-0, silindele ukuthi bafike bezethemba kulo mdlalo,” kuqhuba yena.