Siphamandla Gumede
Iligi ephezulu yebhola likanobhutshuzayo kuleli iPremier Soccer League (PSL) imemezele ukuthi izohlangana nabaxhasi ukudingida udaba lokuqedela imidlalo yeligi esele yalesizini.
Imizamo yePSL yokuqedela isizini ayiphumelelanga njengoba inhlangano eyengamele ibhola likanobhutshuzayo iSouth African can Football Association (SAFA) iveze ukuthi onompempe nabasizi abakulungele ukubuyela enkundleni.
IPSL ikhiphe lesi simemezelo ngoLwesibili ebusuku ngemumva komhlangano webhodi, elinamaqembu angu-32 e-Absa Premiership nesigaba esingezansi iGlad Africa Championship.
ISAFA ngokuhlanganyela nethimba leSAFA-PSL imemezele ukuthi imidlalo yeligi kumele ibuyele enkundleni ngesonto lokuqala ku-Agasti.
ISAFA iveze ukuthi ungoti wonompempe osebenzela iFIFA ubacebise ukuba kuzothatha amasonto amabili ukuze onompempe babe sezingeni lokubuyela enkundleni.
“Ibhodi libambe umhlangano ngoLwesibili, zingu-14 Julayi, ukuze kudingidwe udaba lokubuyiswa kwemidlalo yesizini ka-2019/20. Ibhodi liveze ukuthi iPSL yathola imvume yokuqedela isizini kuNgqongqoshe wezeMidlalo nezobuCiko ngoJuni 23. IPSL ibikulungele ukubuyela enkundleni kusukeka ngomhlaka 18 Julayi, kwaphazamisa ukungatholakali konompempe nabasizi. Ikomiti eliphezulu lizokhulumisana nabaxhasi mayelana ngokubuya kwemidlalo.”
NgoMsombuluko, uSihlalo wePSL u-Irvin Khoza uveze ukuthi iFIFA izokwamukela uma isizini idlula ku-Agasti 31 kodwa lokho kuzoba nomthelela kwezezimali. Ukhoza uthe badinga amasonto ayisithupha ukuqeda imidlalo.
IPSL ibinqume ukubuyela enkundleni ngoJulayi 18 ukuze izokwazi ukugwema ukulahlekelwe yizimali. Ngaphandle kwemidlalo ye-Absa Premiership ne-Glad Africa Championship, kusasele nemidlalo eyandulela owamanqamu yeNedbank Cup.