Izinkunzi zaseGermany iBayern Munchen isixhumene nemenenja kaSadio Mane ngenhloso yokudingida ngalomdlali.

Izindaba ziputshuzwe abeSky Sports. Yize iBayern ingakaze iqale izingxoxo neLiverpool, uMqondisi wezemiDlalo uHasan Salihamidzic uhlangane nemenenja kaMane ngempelasonto.

Inkontileka kaMane iyaphela ngoJuni ka-2023 kodwa izingxoxo zokuyelula azikaze zivulwe kuze kube yimanje. Kuvela ukuthi uMane (30) iyamcasula indaba yokunganakwa kwiLiverpool, ubona kunakwa kakhulu uMohamed Salah ozanyelwa inkontileka entsha ngoba neyakhe iphela ngo-2023.

UMane useshaye amagoli angu-21 emidlalweni engu-47 kulesizini.

Ngemuva komdlalo weligi phakathi kweBayern neStuttgart ophele ngo 2-2 ngeSonto, uSalihamidzic uthe
kuzomangazeka abantu ngomdlali omusha abazomsayinisa ngesizini ezayo.

“Uzomangala nawe. Kufanele sibone esingakwazi ukukwenza emakethe. Sinawo amacebo,” kusho uSalihamidzic.

ILiverpool inqabile ukuphawula ngodaba lukaMane. AmaReds azodlala ne-Aston Villa kwiPremier League namuhla, okuwumdlalo obalulekile emathembeni ayo okunqoba isicoco seligi.